Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 122:9 - IsiZulu 2020

Ngenxa yendlu kaSimakade uNkulunkulu wethu, ngiyokufunela okuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngenxa yendlu kaJehova uNkulunkulu wethu ngiyakukufunela okuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngenxa yendlu kaJehova uNkulunkulu wethu ngiyakukufunela ukuthula.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 122:9
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Futhi njengokuba ngiyayithanda indlu kaNkulunkulu wami, nginengcebo yegolide nesiliva, ngiyakunikela endlini kaNkulunkulu wami, phezu kwakho konke engikulungisele indlu engcwele,


Nkulunkulu wami, ngikhumbule kulokhu, ungakhohlwa ukwethembeka engikwenzile, ngikwenzela indlu yakho nomsebenzi owenziwa kuyo.


Kodwa lapho uSanibhalathi, umHoroni noThobiya, inceku yakwa-Amoni, bezwa ukuthi kufike umuntu ozosebenzela inhlalakahle ka-Israyeli, bacunuka kakhulu.


UMoridekhayi, umJuda, wayengowesibili ngokwesikhundla embusweni wenkosi u-Ahasheveroshi, enamandla phakathi kwabaJuda, iningi labakubo limthanda, ngokuba wayesebenzela inhlalakahle yabantu bakubo, elwela ukuphatheka kahle kwazo zonke izizukulwane zabo.


Simakade, ngiyithanda kakhulu indlu ohlala kuyo, nendawo lapho kuhlala khona inkazimulo yakho.


Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile, izinhlamba zabakuthukayo zehlele phezu kwami.


Ngokuba usuku lulunye emagcekeni akho, luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami, kunokuhlala emathendeni ezikhohlakali.


Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyakungidla.”