KwaZebuloni kwaphuma abayizi-50 000 ababekulungele ukuya empini, behlome ngazo zonke izikhali zokulwa futhi bekulungele ukusiza uDavide, benhliziyonye.
AmaHubo 12:2 - IsiZulu 2020 Bakhuluma amanga, omunye kumakhelwane wakhe, ngezindebe ezithophayo, nangezinhliziyo ezimbaxambili, bayakhuluma. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bakhuluma amanga, kwaba yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo bakhuluma nganhliziyombili. Contemporary Zulu Bible 2024 Bakhuluma okuyize, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo, bakhuluma ngenhliziyo embaxa-mbili. |
KwaZebuloni kwaphuma abayizi-50 000 ababekulungele ukuya empini, behlome ngazo zonke izikhali zokulwa futhi bekulungele ukusiza uDavide, benhliziyonye.
Umlomo waso ugcwele iziqalekiso, inkohliso nencindezelo; phansi kolimi lwaso kukhona ukuganga nobubi.
Ngikhulule, ungihlenge esandleni sabafokazi abamlomo wabo ukhuluma inkohliso, nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.
abamlomo wabo ukhuluma inkohliso, nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.
Ungangilahli kanye nezoni nabenzi bokubi, abathi becebela omakhelwane babo ububi ngezinhliziyo, babe bekhuluma kahle ngemilomo yabo.
Abaqamekela ukuphila kwami bayangicupha, abafuna ukungenzakalisa bakhuluma kabi ngami, bazindla okubi ngami usuku lonke.
Uma kukhona ozongibona, ukhuluma amanga ngami. Unqwabela okubi enhliziyweni yakhe, aphume akhulume ngakho.
Ngokuba alikho iqiniso emilonyeni yabo; izibilini zabo zingukonakala: umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.
Amazwi eziwasho ngezindebe zazo ayisono esiphuma emlonyeni wazo, mazibambeke ekuqhosheni kwazo, nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.
Baceba ukuwisa umuntu oqavileyo. Bathokozela amanga, bayabusisa ngemilomo yabo, kodwa ngengaphakathi, bayaqalekisa. Sela
Ohamba encetheza wambula izimfihlo; ungazihlanganisi nomuntu okhulumela safuthi.
Abantu abaningi bazishaya abalungileyo, kodwa ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?
Uyothi kubo: ‘Lesi yisizwe esingazange sililalele izwi likaSimakade uNkulunkulu waso, esingakwemukelanga ukuqondiswa; iqiniso lishabalele, lisusiwe emlonyeni waso.
Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo, lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo komakhelwane babo, kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.
“ ‘Ngokuba akusayukuba khona umbono oyize nokubhula okukhohlisayo endlini yakwa-Israyeli.
Abathembekileyo bashabalele ezweni, akekho oqotho kubantu; bonke balala unyendle, bachithe igazi; yilowo nalowo uzingela umfowabo ngogibe.
ngokuba abanjalo abayizo izikhonzi zeNkosi yethu uKhristu, kepha bakhonza isisu sabo; kuthi ngamazwi ashelelayo nathophayo badukise izinhliziyo zabangenacala.
Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi, futhi asikaze sibe nobuqili bobugovu; uNkulunkulu ungufakazi.