Simakade, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izehlulelo zakho.
AmaHubo 119:12 - IsiZulu 2020 Mawubongwe Wena Simakade, ungifundise izimiso zakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mawubongwe wena Jehova, ungifundise izimiso zakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Ubusisiwe wena Jehova, ngifundise izimiso zakho. |
Simakade, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izehlulelo zakho.
Simakade, ngikhombise indlela yezimiso zakho; ngizoyigcina kuze kube sekugcineni.
Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba Wena unguNkulunkulu wami, uMoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini ohlelembekile.
Simakade, ngifundise indlela yakho, ngizohamba eqinisweni lakho. Inhliziyo yami yenze iqonde into eyodwa vo, yesabe igama lakho.
Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami, uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.
ngesikhathi ayakubonakaliswa ngaso obongekayo nokunguYena ongaphezu kwakho konke, iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi.
Nina-ke, ugcobo enalwamukela kuye luhlala kini, anidingi ukuba anifundise, kodwa lokho kunigcoba kwakhe yikhona okunifundisayo ngakho konke; kuyiqiniso, akusiwo amanga, njengalokhu-ke kunifundisile, hlalani kuye.