Ake wemukele imfundiso ephuma emlonyeni wakhe, ubeke amazwi akhe enhliziyweni yakho.
AmaHubo 119:11 - IsiZulu 2020 Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Izwi lakho ngalifihla enhliziyweni yami, ukuze ngingoni kuwe. |
Ake wemukele imfundiso ephuma emlonyeni wakhe, ubeke amazwi akhe enhliziyweni yakho.
Nqanda inceku yakho ezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngizohlala ngingenasisihla, ngibe msulwa eziphambekweni ezinkulu.
Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe, izinyathelo zakhe aziyukushelela.
Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”
“Ngilaleleni nina enazi ukulunga, nina bantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningakwesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla lapho benithuka.
Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi, nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Simakade Nkulunkulu Wamabandla.
Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawalonda wonke lawo mazwi enhliziyweni yakhe.
Izwi likaKhristu malihlale kini njalo, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya; nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.