AmaHubo 119:102 - IsiZulu 2020 Ezehlulelweni zakho, angichezuki, ngokuba Wena uyangifundisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ezahlulelweni zakho angichezuki, ngokuba wena uyangifundisa. Contemporary Zulu Bible 2024 Angichezuki ezahlulelweni zakho, ngokuba ungifundisile. |
Ngihlala ngihamba ezinyathelweni zikaSimakade, angikuvumeli ukuziphatha kwababi, kungehlukanise noNkulunkulu wami.
Ngiyakwenza nabo isivumelwano esimi phakade, ngingayeki ukubenzela okuhle, ngiyakubeka ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.
Ngenxa yalokhu, nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba nithe ukulamukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengoba liyizwi likaNkulunkulu isibili, elisebenza kini nina enikholwayo.
Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.
Nina-ke, ugcobo enalwamukela kuye luhlala kini, anidingi ukuba anifundise, kodwa lokho kunigcoba kwakhe yikhona okunifundisayo ngakho konke; kuyiqiniso, akusiwo amanga, njengalokhu-ke kunifundisile, hlalani kuye.