Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 118:24 - IsiZulu 2020

Yilolu usuku alwenzileyo uSimakade, siyakwethaba, sithokoze ngalo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Yilolu usuku alwenzileyo uJehova; siyakwethaba, sithokoze ngalo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Lolu wusuku uJehova alwenzileyo; sizojabula futhi sijabule ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 118:24
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngosuku lwesishiyagalombili wabamukisa abantu, bayibusisa inkosi, babuyela emathendeni abo bejabula, bethokoza ngakho konke okuhle uSimakade akwenzile kuDavide, inceku yakhe, naku-Israyeli, abantu bakhe.


Wayesethi kubo: “Hambani nidle izibiliboco, niphuze newayini elimtoti, nabele nalabo abantulayo, ngokuba lolu lusuku olumiselwe uSimakade iNkosi yethu, ningabi lusizi, ngokuba intokozo eniyiphiwa nguSimakade iyinqaba yenu.”


Ngokuba usuku lulunye emagcekeni akho, luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami, kunokuhlala emathendeni ezikhohlakali.


“Uma uzinqanda ekungcoliseni isabatha, ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele; isabatha ulibize ngokuthi yintokozo, nosuku olungcwele lukaSimakade ngokuthi luhloniphekile, uluhloniphe; ungahambi ngezindlela zakho, wenza okuthandwa nguwe noma imisebenzi yakho,


Ngokuba bheka, itshe engilibeke phambi kukaJoshuwa kukhona amehlo ayisikhombisa etsheni lilodwa ngiyakuqopha umbhalo kulo, bese ngisusa bonke ububi baleli lizwe ngalusuku lunye,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.


Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, sibuthanele ukuba sihlephule isinkwa, uPawula wayelokhu eshumayele lokho, kwaze kwaba phakathi kwamabili, ngoba wayehlose ukuhamba ngakusasa.


NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emuva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo,