AmaHubo 118:21 - IsiZulu 2020 Ngiyakukudumisa, ngokuba ungizwile, ube yinsindiso yami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyakukudumisa, ngokuba ungizwile, waba yinsindiso yami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngifuna ukukudumisa, ngoba ungizwile futhi waba yinsindiso yami. |
USimakade ungamandla ami nesivikelo sami, uyinsindiso yami, lona nguNkulunkulu wami, ngizokumtusa, nguNkulunkulu kababa, ngizokumphakamisa.
UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”
Usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakukuphendula ngesikhathi somusa, ngikusize ngosuku lokusindiswa; ngiyakukulondoloza, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu sokubuyisa izwe, nokubenza badle amafa achithekileyo.