UJowabe esebona ukuthi impi ingaphambili nangasemva kwakhe, wakhetha amadoda kwabakhethekileyo bonke bakwa-Israyeli, wawahlela ukuze alwe nama-Aramu.
AmaHubo 118:11 - IsiZulu 2020 Zingiphahlile, yebo, zingizungezile; egameni likaSimakade ngizozibhubhisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bayangikaka, yebo, bayangizungeza; egameni likaJehova ngiyakubachitha. Contemporary Zulu Bible 2024 Zangihaqa; yebo, bangihaqile, kepha egameni likaJehova ngiyakubachitha. |
UJowabe esebona ukuthi impi ingaphambili nangasemva kwakhe, wakhetha amadoda kwabakhethekileyo bonke bakwa-Israyeli, wawahlela ukuze alwe nama-Aramu.
Bakhala, kodwa akubangabikho obasindisayo, bakhala nakuSimakade, kepha akaze abaphendula.
USawule wahamba ngapha kwentaba, uDavide nabantu bakhe bahamba ngale kwentaba. UDavide washesha wambalekela uSawule, ngokuba uSawule nabantu bakhe bamhaqa uDavide nabantu bakhe ukuze bababambe.