Umhlaba wazamazama, wathuthumela, izisekelo zezintaba zanyakaza, zashukumela emuva naphambili, wavutha.
AmaHubo 114:4 - IsiZulu 2020 Izintaba zatshekula njengezinqama, amagquma, njengamawundlu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izintaba zatshekula njengezinqama, amagquma njengamawundlu. Contemporary Zulu Bible 2024 Izintaba zagxuma njengezinqama, namagquma njengamawundlu. |
Umhlaba wazamazama, wathuthumela, izisekelo zezintaba zanyakaza, zashukumela emuva naphambili, wavutha.
“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje, impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.
Kungani nina zintaba ezimagqumagquma nibuka, niyibuka ngonya intaba uNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na? Yebo, uSimakade uzohlala kuyo kuze kube phakade.
Yonke intaba iSinayi yayithunqa intuthu, ngokuba uSimakade wayehlele kuyo ngomlilo, intuthu yayo yenyuka njengentuthu yesithando somlilo; intaba yonke yazamaza kakhulu.
Lapho bonke abantu bezwa ukuduma kwezulu, nombani, nokukhala kwecilongo, bebona nentaba ithunqa, bathuthumela, bamela kude.
Izintaba ziyazamazama phambi kwakhe, amagquma ancibilike, umhlaba uyavokomala, nezwe nabo bonke abahlala kulo.
Uyama, azamazamise umhlaba; uyabuka, athuthumelise izizwe; izintaba zakudala ziyabhidlizwa, namagquma asemandulo ayakhothama, yizindlela zakhe zaphakade.
Simakade, ngabe ubuyithukuthelele yini imifula na? Ngabe ulaka lwakho belumelene yini nemifula noma intukuthelo yakho nolwandle, ukuba ugibele amahhashi akho, nezinqola zakho zokunqoba, na?
Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohleli kuso; obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akwatholelwa ndawo.