AmaHubo 113:8 - IsiZulu 2020 amhlalise nezikhulu, iziphathimandla zabantu bakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuze amhlalise nezikhulu, yebo, izikhulu zabantu bakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 ukuze abonakale ezikhulwini nasezikhulwini zabantu bakhe. |
Amehlo akhe akawasusi kwabalungileyo, kodwa ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame, kuze kube phakade.
Amadodana akho ayohlala esikhundleni sawoyihlomkhulu, uwabeke abe yizikhulu emhlabeni wonke.
noma belala ezibuyeni, kunjengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva, izimpaphe zamaphiko alo zahuqwa ngegolide elikhazimulayo.
Uyamvusa ompofu othulini, uyayiphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izisekelo zomhlaba zingezikaSimakade; ubekile izwe phezu kwazo.