Ngase ngimisa abantu ngokwemindeni yabo, ngezansi ezindaweni ezisemuva kogange nakwezisobala, benezinkemba, imikhonto neminsalo yabo.
AmaHubo 112:5 - IsiZulu 2020 Umuntu omuhle unomusa, uyatshelekisa, izindaba zakhe uzisingatha ngobulungiswa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo, esekela izindaba zakhe ngokulunga. Contemporary Zulu Bible 2024 Umuntu omuhle uyahawukela, atsheleke; Uzoqhuba izindaba zakhe ngokuxoxa. |
Ngase ngimisa abantu ngokwemindeni yabo, ngezansi ezindaweni ezisemuva kogange nakwezisobala, benezinkemba, imikhonto neminsalo yabo.
Umuntu oswela ukuqonda uxhawulana nomunye, enze isivumelwano, isithembiso phambi kukamakhelwane wakhe.
Qeda umsebenzi wakho ngaphandle, uzilungiselele wona ensimini yakho, emveni kwalokho yakha indlu yakho.
Kwakukhona indoda igama layo kunguJosefa, iyilungu lomphakathi, iqotho, futhi ilungile.
Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitshelekise ningalindele kubuyiselwa, uma nenze kanjalo uyakuba mkhulu umvuzo wenu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba Yena umnene kwabangabongiyo nababi.
Kuthe sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: “Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho.”
Wayeyindoda elungile, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.
ngokuba akwandile ukuba umuntu angafela olungileyo, kodwa hleze kube khona ongazidela afele umuntu oqotho.
Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, ningabi njengabangahlakaniphile, kodwa njengabahlakaniphileyo,
Ikakhulukazi ngikhulekela ukuba uthando lwenu lwande kakhulu, lujule ekwazini nasekuqondeni konke,