Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 11:2 - IsiZulu 2020

Bheka, izikhohlakali zinsala iminsalo, sezifake imicibisholo yazo emnsalweni, ukuze zicibe ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba bhekani, ababi bawunsala umnsalo wabo, babeka imicibisholo yabo entanjeni ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba bheka, ababi bansala umnsalo wabo, balungisa imicibisholo yabo entanjeni, ukuze bacibishele ngasese abaqotho ngenhliziyo.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 11:2
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuqhosha, ababi bahlupha abampofu. Mababanjwe emacebeni abawacebileyo.


Simakade, benzele okuhle abalungileyo nabaqotho ezinhliziyweni zabo,


Lapho umphefumulo wami udangala, Wena uyayazi indlela yami, endleleni engihamba ngayo, bangithukusele ugibe.


ngokuba uyobaciba ngomcibisholo wakho bebuka, bashaye bachithe.


Yethabani kuSimakade nina abalungileyo; nihlokome ngentokozo nina nonke enimsulwa enhliziyweni.


Ababi bahosha inkemba, bansale iminsalo yabo ukuze baqumbe phansi abampofu nabantulayo, babulale ohamba ngokulunga.


Olungileyo uyothokoza kuSimakade, aphephele kuye. Bonke abaqotho ngenhliziyo, badumise.


Nkulunkulu, uyisihlangu sami, ungumsindisi woqotho enhliziyweni.


Uma umuntu engaphenduki, uyolola inkemba yakhe, uwukhokhile umnsalo wakhe, wama ngomumo,


Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwehluleleni, bonke abaqotho ngenhliziyo bakulandele.


Ukukhanya kukhanyisela olungileyo, nokujabula kwabanhliziyo ziqotho.


“Bagobisele umnsalo wolimi emangeni, abaqinanga eqinisweni ezweni, ngokuba basuka kulobu bubi bedlulele kobunye; abangazi Mina,” kusho uSimakade.


Bakha uzungu lokuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale.


Wayesethi uSawule: “Ngiyakumganisela yena abe lugibe kuye, ukuze isandla samaFilisti simenzakalise.” Ngalokho uSawule wathi kuDavide: “Uyakuba ngumkhwenyana ngokwesibili namuhla.”


UDavide wayazi ukuthi uSawule uceba okubi ngaye; wathi ku-Abhiyathara, umphristi: “Letha ingubo yamahlombe.”