Ngokuba singabafokazi phambi kwakho, nezihambi njengabo bonke okhokho bethu; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.
AmaHubo 109:23 - IsiZulu 2020 Njengethunzi eselilide ngiyashabalala, ngipheshulwa njengesikhonyane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengethunzi eselilide ngiyamuka; njengesikhonyane ngiyapheshulwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngihambile njengesithunzi lapho sehla; ngijikijelwa phansi njengentethe. |
Ngokuba singabafokazi phambi kwakho, nezihambi njengabo bonke okhokho bethu; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.
Wena Simakade uyohlala kuze kube phakade, nesikhumbuzo sakho, izizukulwane ngezizukulwane.
UMose welula induku yakhe phezu kweGibhithe; uSimakade wayesethumela umoya wasempumalanga ezweni imini nobusuku, ekuseni umoya wasempumalanga waletha isikhonyane.
USimakade wayesewuguqula umoya waba ngumoya onamandla wasentshonalanga, waphephula isikhonyane wasithela oLwandle Lomhlanga, kwangasala nayinye intethe eGibhithe.
Konje ngubani owaziyo ukuthi yini enhle kumuntu ngesikhathi esaphila lezi zinsukwana zempilo yakhe eyize, eyedlula njengethunzi na? Ngubani ongasho kumuntu ukuthi yini ezokwenzeka phansi komthunzi welanga nxa esefile na?
Kodwa akuzukubahambela kahle ababi, izinsuku zabo zokuphila azizukweluleka njengethunzi, ngoba abahambi ngokwesaba phambi kukaNkulunkulu.
Kepha anilazi ikusasa ukuthi liniphatheleni nokuthi impilo yenu iyakuba yini na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana bese iyanyamalala.