Ngokuba empeleni ngathunjwa ezweni lamaHebheru, nalapha angenzanga lutho olufanele ukuba bangifake kulo mgodi.”
AmaHubo 109:2 - IsiZulu 2020 Ngokuba umlomo womubi nomlomo wenkohliso kumelene nami, kuqamba amanga ngami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba umlomo womubi nomlomo wenkohliso bawuvulile ngakimi; bakhulumile ngami ngolimi lwamanga. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba umlomo wababi nomlomo wabakhohlisayo bangivulele; bakhulume ngami ngolimi lwamanga. |
Ngokuba empeleni ngathunjwa ezweni lamaHebheru, nalapha angenzanga lutho olufanele ukuba bangifake kulo mgodi.”
U-Ahithofeli wathi ku-Absalomu: “Ake ngiqoke amadoda ayizi-12 000, ngizosuka ngimlandele uDavide ngabo bona lobu busuku.
Ulimi lwabo balulola lukhaliphe njengolwenyoka, isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela
Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi, nokwesabisa nxazonke. Baceba amacebo okumelana nami; bahlongoza ukungibulala.
Izindebe ezikhuluma iqiniso ziyakuma kuze kube phakade, kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.
Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula, kepha imilomo yezikhohlakali iphafuza izinto ezimbi.
“Bagobisele umnsalo wolimi emangeni, abaqinanga eqinisweni ezweni, ngokuba basuka kulobu bubi bedlulele kobunye; abangazi Mina,” kusho uSimakade.
Yilowo nalowo ukhohlisa umakhelwane wakhe, abalikhulumi iqiniso; ulimi lwabo balufundise ukukhuluma inkohliso, bazikhathaza ngokwenza okubi.
Base bemisa ofakazi bamanga abathi: “Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi amelene nale ndawo engcwele nangomthetho,