Ngembatha ukulunga, kwaba njengesembatho kimi, ubulungiswa kimi baba njengengubo nomqhele.
AmaHubo 109:18 - IsiZulu 2020 Wagqoka isiqalekiso njengengubo, sangena ezibilini zakhe njengamanzi, nasemathanjeni akhe njengamafutha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wagqoka ukuthuka njengesambatho, kwangena ezibilinini zakhe njengamanzi, nasemathanjeni akhe njengamafutha. Contemporary Zulu Bible 2024 Njengokwembatha isiqalekiso njengengubo yakhe, kwangena ezibilinini zakhe njengamanzi nanjengamafutha emathanjeni akhe. |
Ngembatha ukulunga, kwaba njengesembatho kimi, ubulungiswa kimi baba njengengubo nomqhele.
lawa manzi aletha isiqalekiso, ayongena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho;” owesifazane uyakuthi: “Amen! Amen!”
Uma esemphuzisile amanzi, kuyakuthi uma ezingcolisile wenza ukungethembeki kumyeni wakhe, amanzi aletha isiqalekiso ayongena kuye, alethe isiqalekiso esibi, avuvukalise isisu sakhe, ashwabanise ithanga lakhe, owesifazane abe yisiqalekiso phakathi kwabakubo.
Impela iNdodana yomuntu izakuhamba njengokulotshiwe ngayo, kodwa maye, kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekuyakuba ngcono kulowo muntu ukuba akazalwanga.”
Ngakho-ke lowo wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waphahlazeka, kwachitheka nezibilini zakhe zaphumela ngaphandle.
ukuba athathe indawo kulo msebenzi nobuphostoli obulaxazwe nguJuda, waya endaweni yakhe.”
Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele enhliziyweni; isisa, ukuzithoba, ubumnene, nokuqinisela ekuhluphekeni;
Kepha manje lahlani konke lokhu: ulaka, ukuthukuthela, ububi, ukuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo ngemilomo yenu.
Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.