Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 103:8 - IsiZulu 2020

USimakade unobubele nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UJehova unesihe, unomusa, uyabekezela, uchichima umusa.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 103:8
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Benqaba ukukulalela, abaze bazikhumbula izimangaliso owazenza phakathi kwabo, kepha baqinisa amakhanda, bazimisela ukubuyela ebugqileni. Kodwa Wena unguNkulunkulu othethelelayo; onomusa nesihe, uyephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu, ngakho-ke awuzange ubalahle,


U-Israyeli makethembe uSimakade, ngokuba umusa ukuSimakade, nokukhulula konke kukuye.


USimakade unobubele nobumnene, uyephuza ukuthukuthela, unomusa omkhulu.


Ubafihla emphemeni wobukhona bakho, ezigungwini zababakhela uzungu. Ubagcina bephephile edokodweni lakho, olimini olumbaxambili.


Wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, unomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokwethembeka.


Wena, Nkosi umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.


Omubi makayishiye indlela yakhe, nomuntu owenza ibe mibi imicabango yakhe, abuyele kuSimakade, uyokuba nomusa kuye, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyophiwa intethelelo enkulu.


Wena obenzela umusa abayizinkulungwane, futhi uyaphindisela ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo, Wena Nkulunkulu omkhulu noyiqhawe, ogama lakho kunguSimakade Wamabandla.


Dabulani izinhliziyo zenu, hhayi izingubo zenu, nibuyele kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, unesihe nothando olungenamkhawulo, uyaxolela angabe esajezisa.


Wase ekhuleka kuSimakade, wathi: “Simakade, angikushongo yini lokhu kwasekuqaleni ngesikhathi ngisesezweni lakithi na? Yingakho ngashesha ngabalekela eTharishishi, ngoba ngangazi kahle ukuthi Wena unguNkulunkulu onomusa, owephuza ukuthukuthela, unobubele obukhulu, uyayithambisa inhliziyo yakho ungabe usakwenza okubi obukuhlosile.


USimakade uyaphuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, impela onecala akayukumyeka angamjezisi, indlela kaSimakade isesivunguvungwini nasesiphephweni, amafu awuthuli lwezinyawo zakhe.


‘USimakade uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa, uthethelela ububi neziphambeko, nokho akayeki angamjezisi onecala, uhambela ububi bawoyise kubantwana, kuze kube sesizukulwaneni sesithathu nesesine.’


kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.


Niyazi ukuthi babusisiwe labo ababekezelile. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, futhi nibonile isiphetho esilethwe yiNkosi, ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.