Ngokuba umi kwesokunene sontulayo, ukuze amsindise kulabo abasongela umphefumulo wakhe.
AmaHubo 103:6 - IsiZulu 2020 USimakade ubenzela bonke abacindezelweyo ukulunga nobulungiswa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova ubenzela bonke abacindezelwayo ukulunga nokwahlulela. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wenza ubulungisa nobulungisa kubo bonke abacindezelwayo. |
Ngokuba umi kwesokunene sontulayo, ukuze amsindise kulabo abasongela umphefumulo wakhe.
Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”
Obenzela ubulungiswa abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla, uSimakade uyazikhulula iziboshwa.
Amathambo ami wonke athi: “Simakade, ngubani onjengawe, Wena ukhulula abantekenteke kulabo abanamandla kunabo; ohluphekayo nontulayo, kulowo omphangayo.”
Mayivikele abantu abampofu, isindise abantwana babantulayo, iphohloze umcindezeli.
Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kodwa onomusa kontulayo uhlonipha uMenzi wakhe.
Babaphatha ngendlakadla oyise nonina kuwe, abafokazi abagogobele kuwe babacindezela, kwathi izintandane nabafokazi abakuwe baphathwa kabi.
“Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe lokho obuyale ngakho, kepha isekhona indawo.’
Kepha nina nimehlisa isithunzi ompofu. Abacebileyo kabanicindezeli yini, banihudulele ezigcawini na?