AmaHubo 102:5 - IsiZulu 2020 Ngenxa yokugqiha kwami, ngibubula, amathambo ami asenamathele esikhumbeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngenxa yezwi lokububula kwami amathambo ami anamathele enyameni yami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngenxa yezwi lokububula kwami amathambo ami anamathele esikhumbeni sami. |
Amathambo ami anamathela esikhumbeni sami nasenyameni yami, ngisinde ngokulambisa kuphela.
Ngikhathele ngenxa yokububula kwami. Ngimantisa umbhede wami njalo ebusuku, ngincibilikisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.
Sukani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uSimakade ulizwile izwi lokukhala kwami.
Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle, kepha umoya owaphukileyo womisa amathambo.
Manje asemnyama ukwedlula ilahle, ngeke usawakhomba ngisho emigwaqweni. Isikhumba sawo sesishwabene sanamathela emathanjeni awo, sesome safana nokhuni.
U-Elikhana wayenza kanjalo minyaka yonke, uma enyukele endlini kaSimakade. UPhenina wayemchukuluza njalo uHana, ngakho-ke wakhala, akaze adla lutho.