AmaHubo 102:3 - IsiZulu 2020 Izinsuku zami ziphele njengomusi, namathambo asha njengezinkuni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba izinsuku zami ziphelile njengomusi; amathambo ashile njengezinkuni. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba izinsuku zami ziyaphela njengomusi, namathambo ami avutha njengeziko. |
Ungabufihli ubuso bakho kimi. Ungayixoshi inceku yakho ngentukuthelo; Wena uwusizo lwami, uze ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.
Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile.
Impela Wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyangihola, ungiqondise.
Ababi bayobhubha, izitha zikaSimakade zishabalale njengobuhle bamadlelo. Ziyonyamalala njengentuthu, zishabalale.
Akukho ukuphila emzimbeni wami, ngenxa yentukuthelo yakho; amathambo ami awanampilo, ngenxa yesono sami.
“Uthumele umlilo wakhe ekweliphezulu, wangena emathanjeni ami, wawehlula; unekele izinyawo zami inethi, wangiqumba phansi; ngalala amankeyane. Ungishiye ngiyincithakalo, ngiphelelwe ngamandla usuku lonke.
Kepha anilazi ikusasa ukuthi liniphatheleni nokuthi impilo yenu iyakuba yini na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana bese iyanyamalala.