AmaHubo 102:12 - IsiZulu 2020 Wena Simakade uyohlala kuze kube phakade, nesikhumbuzo sakho, izizukulwane ngezizukulwane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha wena Jehova uyakuhlala kuze kube phakade, nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha wena Jehova uyakuba khona kuze kube phakade; nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane. |
ngoba thina singabayizolo nje, asinalwazi; izinsuku zethu emhlabeni ziyithunzi.
Simakade, igama lakho limi ingunaphakade. Simakade, ukhunjulwa yizizukulwane ngezizukulwane.
UNkulunkulu wabuye wathi kuMose: “Uyakusho kubantu bakwa-Israyeli uthi: ‘USimakade uNkulunkulu woyihlo, uNkulunkulu ka-Abhrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe ungithumile kini.’ Leli yigama lami kuze kube phakade, engiyakukhunjulwa ngalo ezizukulwaneni ngezizukulwane.
“Usho kanje uSimakade, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uSimakade Wamabandla, uthi: ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina, ngaphandle kwami akekho uNkulunkulu.
“Nakuba bewushiyiwe, uzondwa, kungasekho muntu odabula kuwe; ngiyakukwenza ube yisivunulo saphakade, nentokozo yezizukulwane ngezizukulwane.
Wena Simakade, umi ingunaphakade, isihlalo sakho sobukhosi siyoba khona izizukulwane ngezizukulwane.
UNkulunkulu wasemandulo uyisiphephelo nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho wathi: ‘Bhubhisa.’