AmaHubo 101:5 - IsiZulu 2020 Ohleba umakhelwane wakhe esithe ngiyombhubhisa, angiyukumbekezelela ozikhukhumezayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda; onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela. Contemporary Zulu Bible 2024 Ohleba umakhelwane wakhe ngasese, yena ngiyakumnquma; lowo oziphakamisayo nenhliziyo ezidlayo, ngeke ngihlupheke. |
ongahlebi ngolimi lwakhe, ongenzi okubi kumngani wakhe, nongamhleki usulu umakhelwane wakhe;
“Awuyukusabalalisa umbiko ongamanga, awuyukubambisana nababi ukwethula ubufakazi obungamanga.
Ohamba encetheza wambula izimfihlo; ungazihlanganisi nomuntu okhulumela safuthi.
Umoya wasenyakatho uletha imvula, nolimi oluhlebayo ludala ubuso obuthukuthele.
Amehlo omuntu oziphakamisayo azakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kufojiswe; nguSimakade kuphela oyophakama ngalolo lusuku.
Abantu abahlebayo babekuwe ukuba bachithe igazi, badla kuwe ezintabeni, bekuwe benza ubufebe.
Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.
“ ‘Awuyukuhamba unyevuza phakathi kwabantu bakini. Awuyukufuna nzuzo ngegazi likamakhelwane wakho; nginguSimakade.
“Ngithi kini: lo wabuyela ekhaya elungisisiwe kunomFarisi. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo, uzakuthotshiswa; kodwa ozithobayo, uzakuphakanyiswa.”
Kepha manje-ke nginibhalela ukuba ningazibandakayi nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, kodwa ebe eyisifebe, noma ohahayo, noma okhonza izithombe, noma othuka inhlamba, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningalokothi nidle nomuntu onjalo.
Ngokunjalo nabesifazane mababe ngabahloniphekileyo, abangahlebi, abazithibayo, futhi abathembekile ezintweni zonke.
Kanjalo nabesifazane abadala mabaziphathe ngokufanele ubungcwele, bangabi yizinhlebi, nezigqila zewayini, kodwa babe ngabafundisi bokuhle,
Ningabe nisakhuluma ngokuziqhenya, futhi makungaphumi kuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu owazi konke; izenzo zilinganiswa nguye.