Ngiyakuphakamisa Wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade.
AmaHubo 100:1 - IsiZulu 2020 Hlokoma kuSimakade ngezwi lokuhalalisa, mhlaba wonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Hlokoma kuJehova ngezwi lokuhalalisa, mhlaba wonke. Contemporary Zulu Bible 2024 (Ihubo lokudumisa.) Hlabelelani kuJehova nina mazwe onke. |
Ngiyakuphakamisa Wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade.
Yethabani kuSimakade nina abalungileyo; nihlokome ngentokozo nina nonke enimsulwa enhliziyweni.
Izizwe mazijabule, zihube ngentokozo, ngokuba abantu ubehlulela ngokulunga, uhole izizwe emhlabeni. Sela
Hlokomelani uSimakade mhlaba wonke, qhumukani, nihlabelele ngenjabulo, nihube amahubo.
Hlokoma ngentokozo ndodakazi yaseZiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, futhi ujabule ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema.
USimakade uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke. Ngalolo lusuku uSimakade uyakuba yedwa vo, negama lakhe libe lilodwa zwi.
Kuthe esesondele emehlelweni weNtaba Yeminqumo isixuku sonke sabafundi saqala ukuthokoza nokudumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu ngazo zonke izimangaliso esizibonileyo,
Memezani ngokuthokoza bantu bakhe, nina zizwe, ngokuba uyakuliphindiselela igazi lezinceku zakhe, aziphindiselele kwabamelene naye, ahlambulule izwe lakhe nabantu bakhe.”