UJakobe wafika ephephile emzini iShekhemu owawuseKhanani, evela ePhadani Aramu, wagoba amadlangala phambi komuzi.
AbAhluleli 9:1 - IsiZulu 2020 U-Abhimelekhi, indodana kaJerubhali, waya eShekhemi ezihlotsheni zikanina nakubo bonke abomndeni wasekhayakonina, wathi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abimeleki indodana kaJerubali* waya kubafowabo bakanina, wakhuluma kubo nomndeni wonke wendlu kayise kanina, wathi: Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abimeleki indodana kaJerubali waya eShekemi kubafowabo bakanina, wakhuluma kubo nakuwo wonke umndeni wendlu kayise, wathi: |
UJakobe wafika ephephile emzini iShekhemu owawuseKhanani, evela ePhadani Aramu, wagoba amadlangala phambi komuzi.
UShekhemu, indodana kaHamori, umHivi, owayebusa kulelo lizwe, wambona wamthatha, wamona, wamthela ngehlazo.
U-Absalomu wayenza kanjalo kubo bonke abakwa-Israyeli ababeza enkosini ngamacala. U-Absalomu wazeba kanjalo-ke izinhliziyo zabantu bakwa-Israyeli.
URehobhowamu waya eShekhemi, lapho wonke u-Israyeli ayebuthene khona ukuba ambeke inkosi.
Kwathi lapho u-Israyeli wonke esezwile ukuthi uJerobhowamu ubuyile, bathumela bambizela enhlanganweni, base bembeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke. Kwakungekho muntu omunye owalandela indlu kaDavide, ngaphandle kwesizwana sakwaJuda kuphela.
Bathumela bayombiza uJerobhowamu nebandla lonke lakwa-Israyeli, beza bakhuluma noRehobhowamu, bathi:
Base bethi: “Wozani simakhele uzungu uJeremiya, ngokuba umyalelo awuyukulahleka ngomphristi, ukweluleka ngohlakaniphileyo, nezwi ngomphrofethi; wozani simhlasele ngamazwi ethu, singalinaki nelilodwa lamazwi akhe.”
kwafika amadoda angama-80 evela eShekhemi, eShilo, naseSamariya egunde izilevu zawo, nezingubo zawo ziklejuliwe, nawo ezisikile uqobo, ephethe ngezandla zawo iminikelo yokusanhlamvu nempepho ukuzokunikela endlini kaSimakade.
Behlukanisa iKadeshi eGalile ezintabeni kwaNafethali, iShekhemi ezintabeni kwa-Efrayimi, iKiriyathi Arbha eliyiHebhroni ezintabeni kwaJuda.
UGideyoni wayenamadodana angama-70 ayephume okhalo lwakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.
Isancinza sakhe esasiseShekhemi samzalela naso indodana, wayiqamba ngokuthi ngu-Abhimelekhi.
Abakhombisanga ukwethembeka endlini kaJerubhali, okunguGideyoni, ngakho konke okuhle ayekwenzele u-Israyeli.