AbAhluleli 6:2 - IsiZulu 2020 Isandla sabakwaMidiyani sabehlula abantu bakwa-Israyeli, ngenxa yabakwaMidiyani, abakwa-Israyeli bazakhela izindawo zokucasha ezintabeni, emigedeni, nasezinqabeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isandla sakwaMidiyani samahlula u-Israyeli; ngenxa yakwaMidiyani abantwana bakwa-Israyeli bazenzela imihume yasezintabeni, nemigede, nezinqaba. Contemporary Zulu Bible 2024 Isandla sakwaMidiyani saba namandla phezu kuka-Israyeli, abantwana bakwa-Israyeli bazenzela imigodi esezintabeni, nemigede, nezinqaba ngenxa yabakwaMidiyani. |
Umgodi lapho u-Ishmayeli alahla khona izidumbu zamadoda ayewabulele kwakuwumgodi omkhulu owawumbiwe yinkosi u-Asa, ukuze azivikele kuBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli. U-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, wawugcwalisa ngezidumbu zababuleweyo.
Shiyani imizi, nihlale phakathi kwamadwala; nina zakhamuzi zakwaMowabi, yibani njengejuba, elakha isidleke emlonyeni wesiwa.
Ngiyomelana nani, nishaywe phambi kwezitha zenu, labo abanizondayo bayobusa phezu kwenu; niyobaleka kungekho muntu onixoshayo.
izwe lalingabafanele, bahamba emahlane, ezintabeni, emihumeni nasemigedeni yomhlaba.
Amakhosi omhlaba, izikhulu, izinduna, abacebileyo, iziphathimandla, izigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emigedeni nasemaweni ezintaba,
babahlukumeza, babacindezela abantu bakwa-Israyeli ngalowo nyaka. Kwaphela iminyaka eli-18 bebacindezele bonke abantu bakwa-Israyeli ababehlala phesheya kweJordani, ezweni lama-Amori, kwaGileyadi.
Abakwa-Amoni bawela iJordani ukuyolwa noJuda, noBhenjamini, nabendlu ka-Efrayimi, u-Israyeli wakhathazeka kakhulu.
Ngokuba njalo lapho abakwa-Israyeli sebelimile, abakwaMidiyani nama-Amaleki nezinye izizwe zasempumalanga babekhuphuka, babahlasele.
Kwathi lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basenkathazweni ngenxa yengcindezelo enkulu ababekuyo, abantu bacasha emigedeni, emahlozini, emaweni, ezinqabeni, nakuyo imithombokwakhiwa.
Baziveza bobabili kulo ibutho lamaFilisti. AmaFilisti ayesethi: “Bhekani, amaHebheru ayaphuma emigodini acashe kuyo.”