Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 6:16 - IsiZulu 2020

USimakade wathi kuye: “Ngizokuba nawe, uyakubabulala abakwaMidiyani kungathi ubulala umuntu oyedwa.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UJehova wathi kuye: “Impela ngiyakuba nawe; uyakubabulala abakwaMidiyani kungathi bangumuntu munye.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UJehova wasesithi kuye: Isibili ngizakuba lawe, njalo uzatshaya amaMidiyani njengomuntu munye.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 6:16
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Ngizokuba nawe. Lesi kuyakuba yisibonakaliso sokuthi ngikuthumile: uma usubakhiphile abantu eGibhithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Baphuma bashumayela ezindaweni zonke; iNkosi yayisebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezazibalandela.


Isandla seNkosi sasinabo, abantu abaningi kakhulu bakholwa, baphendukela eNkosini.


“Nxa uphuma uyokulwa nezitha zakho, bese ubona amahhashi, izinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe, Yena owakukhuphula eGibhithe.


Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele esandleni sakho; akukho namunye kubo oyakuma phambi kwakho.”


Noma yinini lapho uSimakade ebavusela abehluleli, uSimakade wayeba naye umehluleli, futhi wayebakhulula esandleni sezitha zabo ngazo zonke izinsuku zalowo mehluleli, ngokuba uSimakade wayeba nozwelo lapho sebebubula ngenxa yalabo ababebacindezele, bebahlupha.


Ingelosi kaSimakade yabonakala kuye, yathi: “USimakade unawe, qhawe elinamandla.”


UGideyoni wayesethi kuNkulunkulu: “Ukuze ngibone ukuthi uyakumkhulula yini u-Israyeli ngesandla sami njengoba ushilo;


Esekhona lapho, bheka kwafika uBhowazi evela eBhethlehema wathi kubavuni: “USimakade makabe nani.” Bamphendula bathi: “USimakade makakubusise.”