Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 6:1 - IsiZulu 2020

Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, uSimakade wabanikela esandleni sabakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kepha abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni sakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni sakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 6:1
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yamzalela uZimrani, uJokishani, uMedani, uMidiyani, u-Ishibhaki, noShuwa.


Kwathi lapho kwedlula abahwebi bakwaMidiyani, bamkhipha uJosefa emgodini, bamthengisa kwabakwa-Ishmayeli ngezinhlamvu zesiliva ezingama-20, ababe sebemthatha bahamba, baya naye eGibhithe.


Ngibona amathende aseKhushani ekhungethwe wusizi, amakhethini akwaMidiyani ayathuthumela.


UMowabi wathi ezingwevini zakwaMidiyani: “Manje lolu quqaba luzoqothula konke esinakho nxazonke, njengenkabi iqothula utshani edlelweni.” UBhalaki, indodana kaZiphori, wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi.


Ngingabuye ngithini ngokukholwa na? Ngingaphelelwa yisikhathi uma ngingaqhubeka ngilande ngoGideyoni, uBharaki, uSamsoni, uJeftha; ngoDavide noSamuweli nangabaphrofethi,


Ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni samaFilisti, nasesandleni sabakwa-Amoni,


Abakwa-Israyeli base benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali;


UGideyoni wathi kuyo: “Kodwa mnumzane, uma uSimakade enathi, kungani kwenzeke konke lokhu kithi, na? Ziphi zonke izenzo zakhe ezimangalisayo, okhokho bethu abasixoxela ngazo, bethi: ‘Akazange yini uSimakade asikhuphule eGibhithe, na?’ Kepha manje uSimakade usilahlile, wasinikela esandleni sabakwaMidiyani.”