Ngokuba bangihlubukile, baphatha le ndawo njengeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, ababengabazi, bona nokhokho babo, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala.
AbAhluleli 5:8 - IsiZulu 2020 Bakhetha onkulunkulu abasha, kwase kuba khona impi emasangweni. Phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli, ukhona yini owake waphatha isihlangu nomkhonto, na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bakhetha onkulunkulu abasha; lapho kwafika impi emasangweni; kwabonwa isihlangu noma umkhonto yini phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na? Contemporary Zulu Bible 2024 Bakhetha onkulunkulu abasha; kwaba khona impi emasangweni; Kwakukhona isihlangu noma umkhonto phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na? |
Ngokuba bangihlubukile, baphatha le ndawo njengeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, ababengabazi, bona nokhokho babo, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala.
bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, owabakhipha eGibhithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungezile, babakhothamela, baluchukuluza ulaka luSimakade.
Nokho ababalalelanga abehluleli babo, ngokuba baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela. Ngokushesha bachezuka endleleni abahamba kuyo oyisemkhulu, ababelalela imiyalo kaSimakade, abazange basilandele isibonelo sabo.
Abantu bakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade becela usizo, ngokuba uJabhini wayenezinqola zempi ezenziwe ngensimbi ezingama-900. Wayebacindezele, ebaphethe ngonya olukhulu abakwa-Israyeli, iminyaka engama-20.
Lalelani umsindo wabaculi besemithonjeni yamanzi, lapho bephinda ukunqoba kuka-Simakade, ukunqoba kwezihlupheki kwa-Israyeli. Abantu bakaSimakade behlela emasangweni.
Imizi yakwa-Israyeli yama ingenamuntu, Debhora, kwaze kwafika wena, wafika njengonina ku-Israyeli.