“Nguwe yini onika ihhashi amandla, wembathise intamo yalo ngomhlwenga oyephuzelayo na?
AbAhluleli 5:22 - IsiZulu 2020 Kwezwakala umsindo wezinselo zamahhashi zigabadula, zigabadula izinjomane ezinamandla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona zadubuza izinselo zamahhashi ngokugadula, ukugadula kwezinkweli zawo. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke izinselo zamahhashi zaphuka ngomzi, ukujikijelwa kwabanamandla bawo. |
“Nguwe yini onika ihhashi amandla, wembathise intamo yalo ngomhlwenga oyephuzelayo na?
Abanye bagabe ngezinqola zempi, abanye ngamahhashi, kodwa thina sethembele egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.
abamicibisholo iloliwe, neminsalo yabo yonke insaliwe; izinyawo zamahhashi abo ziyakufaniswa nezensengetshe; namasondo abo, njengesivunguvungu.
Ngomsindo wokugabadula kwezinselo zamahhashi akhe anamandla, ngobukhehlekhehle bezinqola zakhe, nangomsindo wamasondo akhe; oyise ababheki emuva kubantwana, ngenxa yobuntekenteke bezandla zabo,
nangenxa yosuku oluzayo ukuzobhubhisa wonke amaFilisti, nokuqeda iThire neSidoni, bonke abasizi abasalayo; ngokuba uSimakade uyakuwabhubhisa amaFilisti, insali yesiqhingi iKhafithori.
Ukuthimula kwamahhashi akhe kuzwakele kwaDani; umsindo wokukhala kwamahhashi akhe anamandla kuthuthumelise lonke izwe, ngokuba asefikile, aliqothula izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhileyo kuwo.”
“ ‘Abendlu yaseThogarma bahweba ngamahhashi, nangamahhashi empi, nangeminyuzi ngenxa yempahla yakho.
Sukuma ubhule, ndodakazi yaseZiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze zibe yithusi; uyakuqothisisa izizwe eziningi.” Uyakwethula inzuzo yazo nomcebo wazo kuSimakade, iNkosi yomhlaba wonke.