“USimakade uNkulunkulu wenu akanani na? Akaninikanga yini ukuphumula nxazonke na? Unikele kini izakhamuzi zakuleli lizwe, walinqoba leli lizwe phambi kukaSimakade naphambi kwabantu bakhe.
AbAhluleli 4:23 - IsiZulu 2020 Ngalolo lusuku uNkulunkulu wamnqoba uJabhini, inkosi yamaKhanani, phambi kwabakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalolo suku uNkulunkulu wamnqoba uJabini inkosi yaseKhanani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wamnqoba uJabini inkosi yaseKhanani ngalolo suku phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. |
“USimakade uNkulunkulu wenu akanani na? Akaninikanga yini ukuphumula nxazonke na? Unikele kini izakhamuzi zakuleli lizwe, walinqoba leli lizwe phambi kukaSimakade naphambi kwabantu bakhe.
Izizukulwane zabo zangena kulo, zahlala. Labo ababehlala kulelo lizwe, wabenza bakhonza kuzo. AmaKhanani namakhosi awo nabanye abantu ababehlala ezweni, wabanikela kuzo ukuba zibaphathe ngokuthanda kwazo.
Wena ungibhincisa amandla ukuze ngimelane nempi, abangivukelayo ubenze bangikhothamela.
Izitha zabo bengizozithobisa ngokushesha, abamelene nabo ngibashaye ngesandla sami.
Kepha lapho zonke izinto sezithotshiselwe phansi kwakhe, nayo-ke iNdodana uqobo lwayo iyakuzithoba phansi kwalowo owathobisa zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke, kukho konke.
okwathi ngokukholwa, banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama,
Wathi efika uBharaki exosha uSisera, uJayeli waphuma wayomhlangabeza, wathi kuye: “Woza ngizokukhombisa indoda oyifunayo.” Wayesengena ethendeni likaJayeli; wamfica uSisera edindilizile, efile, kunesikhonkwane enhlafunweni yakhe.
Isandla sabantu bakwa-Israyeli saya ngokuqina phezu kukaJabhini, inkosi yaseKhanani, baze bambhubhisa nya uJabhini, inkosi yamaKhanani.