kodwa ungadli kwezomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, ngokuba mhla wadla kuwo, uyokufa nokufa.”
AbAhluleli 3:2 - IsiZulu 2020 ukuze lezo zizukulwane zabakwa-Israyeli ezilandelayo zikwazi ukulwa, kufundiswe lezo ezingakaze ziyazi impi phambilini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kuphela ukuba izizukulwane zabantwana bakwa-Israyeli zazi, zifundiswe impi, ikakhulu labo ababengayazi ngaphambili. Contemporary Zulu Bible 2024 Kuphela ukuze izizukulwane zabantwana bakwa-Israyeli zazi, ukubafundisa impi, okungenani labo ababengayazi ngaphambili; |
kodwa ungadli kwezomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, ngokuba mhla wadla kuwo, uyokufa nokufa.”
Ngokuba uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nisidla, amehlo enu ayovuleka, nifane naye, nazi okuhle nokubi.”
Amehlo abo bobabili ayesevuleka, bazibona ukuthi bahamba ze, beluka amaqabunga omkhiwane, bawabhinca, bafihla ubunqunu babo.
Nokho bazokuba yizinceku zakhe ukuze bazi umsebenzi wami nomsebenzi wemibuso yezizwe.”
“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula ngami. Emhlabeni niyakuba lusizi, kodwa yimani isibindi, Mina ngiwunqobile umhlaba.”
Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wakuvuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.
Nazi izizwe uSimakade azishiya ukuze avivinye ngazo bonke abakwa-Israyeli ababengenalwazi ngempi eKhanani,
Kwakuyilezi izizwe: amakhosi ayisihlanu amaFilisti, nawo wonke amaKhanani, amaSidoni, amaHivi ayehlala entabeni iLebhanoni, kusukela entabeni iBhali Hermoni kuze kube seHamathi.