Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 20:3 - IsiZulu 2020

Abozalo lukaBhenjamini bezwa ukuthi abantu bakwa-Israyeli bakhuphukele eMizpha. Abantu bakwa-Israyeli bathi: “Sitshele, lobu bubi benzeke kanjani, na?”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Abantwana bakwaBenjamini bezwa ukuthi abantwana bakwa-Israyeli babenyukele eMispa. Bathi abantwana bakwa-Israyeli: “Sitsheleni ukuthi lobu bubi benziwa kanjani na?”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Abantwana bakwaBenjamini bezwa ukuthi abantwana bakwa-Israyeli bakhuphukele eMispa. Abantwana bakwa-Israyeli bathi: “Sitsheleni ukuthi lobu bubi bebunjani na?”

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 20:3
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ohlakaniphileyo uyayibona ingozi, acashe, kodwa abangenalwazi bayaphikelela, bajeziswe.


“Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumehluleli, umehluleli akunikele esikhonzini, uphonswe ejele.


uyozibulala ngenkemba izakhamuzi zalowo muzi, uwuchithe impela, nakho konke okuphakathi kwawo, nemfuyo yawo, ukubhubhise ngenkemba.


Izizwana zakwa-Israyeli zathuma abantu kuso sonke isizwana sakwaBhenjamini, zathi: “Bubi buni lobu obenziwe phakathi kwenu, na?


Abaholi babo bonke abantu, bazo zonke izizwana zakwa-Israyeli, babekhona emhlanganweni wabantu bakaNkulunkulu, amabutho ahamba ngezinyawo ephethe izikhali ayeyizi-400 000.


UmLevi, umyeni wowesifazane owabulawa, waphendula wathi: “Ngafika eGibheya kwaBhenjamini, mina nesancinza sami, ukuba silale khona ngalobo busuku.