Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 20:21 - IsiZulu 2020

AbakwaBhenjamini baphuma eGibheya, babulala ngalolo lusuku abakwa-Israyeli abayizi-22 000.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Abantwana bakwaBenjamini baphuma eGibeya, babulala kwabakwa-Israyeli ngalolo suku amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Abantwana bakwaBenjamini baphuma eGibeya, babulala kwa-Israyeli ngalolo suku abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 20:21
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“UBhenjamini uyimpisi entwengulayo; ekuseni udla akubambileyo, kusihlwa ahlukanise akuphangileyo.”


Manje nihlose ukucindezela abakwaJuda, nabaseJerusalema nibenze izigqila nezigqilakazi zenu. Kepha aniyukuba necala yini kuSimakade uNkulunkulu wenu ngalokho na?


Inkosi ayisindiswa wubuningi bempi yayo; iqhawe alikhululwa ngamandla alo amakhulu.


Indlela yakho yayisolwandle, imendo yakho isemanzini amaningi, kodwa amanyathelo akho awabonakalanga.


Abantu bakhe wabanikela enkembeni, ifa lakhe walithukuthelela.


Wena, Simakade, ulungile, noma ngikumangalela. Nokho ngiyakukhuluma nawe ngokwehlulela: kungani indlela yezikhohlakali ichuma na? Kungani banethezeke abakhohlisi boqobo na?


“Israyeli, selokhu wona kusukela ezinsukwini zaseGibheya. Bahlala lapho; impi nabantu bobubi ayiyukubafica eGibheya na?


“Uma uphuma enkanjini uyokulwa nezitha zakho, ubozigcina, ungakwenzi okubi.


Abakwa-Israyeli baphuma ukuyolwa nabakwaBhenjamini, bama ngezinhla zabo, balwa nabo eGibheya.


Abantu, amadoda akwa-Israyeli, baqunga isibindi, babuye bayihlela ngezinhla zayo impi lapho babeyihlele khona ngosuku lokuqala.


AbakwaBhenjamini baphuma eGibheya ukuyolwa nabakwa-Israyeli ngosuku lwesibili, babulala abayizi-18 000 zamadoda akwa-Israyeli ayehlome ngenkemba.