“UBhenjamini uyimpisi entwengulayo; ekuseni udla akubambileyo, kusihlwa ahlukanise akuphangileyo.”
AbAhluleli 20:21 - IsiZulu 2020 AbakwaBhenjamini baphuma eGibheya, babulala ngalolo lusuku abakwa-Israyeli abayizi-22 000. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwaBenjamini baphuma eGibeya, babulala kwabakwa-Israyeli ngalolo suku amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwaBenjamini baphuma eGibeya, babulala kwa-Israyeli ngalolo suku abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili. |
“UBhenjamini uyimpisi entwengulayo; ekuseni udla akubambileyo, kusihlwa ahlukanise akuphangileyo.”
Manje nihlose ukucindezela abakwaJuda, nabaseJerusalema nibenze izigqila nezigqilakazi zenu. Kepha aniyukuba necala yini kuSimakade uNkulunkulu wenu ngalokho na?
Inkosi ayisindiswa wubuningi bempi yayo; iqhawe alikhululwa ngamandla alo amakhulu.
Indlela yakho yayisolwandle, imendo yakho isemanzini amaningi, kodwa amanyathelo akho awabonakalanga.
Wena, Simakade, ulungile, noma ngikumangalela. Nokho ngiyakukhuluma nawe ngokwehlulela: kungani indlela yezikhohlakali ichuma na? Kungani banethezeke abakhohlisi boqobo na?
“Israyeli, selokhu wona kusukela ezinsukwini zaseGibheya. Bahlala lapho; impi nabantu bobubi ayiyukubafica eGibheya na?
Abakwa-Israyeli baphuma ukuyolwa nabakwaBhenjamini, bama ngezinhla zabo, balwa nabo eGibheya.
Abantu, amadoda akwa-Israyeli, baqunga isibindi, babuye bayihlela ngezinhla zayo impi lapho babeyihlele khona ngosuku lokuqala.
AbakwaBhenjamini baphuma eGibheya ukuyolwa nabakwa-Israyeli ngosuku lwesibili, babulala abayizi-18 000 zamadoda akwa-Israyeli ayehlome ngenkemba.