Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 20:16 - IsiZulu 2020

Kuwona wonke lowo mbutho, kwakukhona amadoda angama-700 ayeqokiwe engamanxele wonke, ayekwazi ukunemba ngetshe, angageji.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Phakathi kwabo bonke labo bantu kwakukhona amadoda angamakhulu ayisikhombisa akhethiweyo angamanxele; onke ayekwazi ukuphonsa amatshe ngisho nasonweleni, engageji.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Phakathi kwalaba bantu bonke kwakukhona amadoda angamakhulu ayisikhombisa akhethiwe angamanxele; yilowo nalowo wayengajikijela amatshe ububanzi bezinwele, angageji.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 20:16
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Babehlome ngeminsalo, bengamakhabe, bekwazi ukuciba nokuphonsa amatshe ngesokhohlo nangesokunene. Babengabafowabo bakaSawule, bevela kwaBhenjamini, okwakuyilaba:


U-Uziya wawalungisela wonke amabutho akhe izihlangu, imikhonto, izigqoko, amabhantshi, iminsalo namatshe ezindwayimane.


Abakwa-Israyeli, ngaphandle kwabakwaBhenjamini, baba ngamadoda ayizi-400 000 ayehlome ngenkemba, wonke kungamaqhawe.


Lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, uSimakade wabavusela omunye umkhululi, u-Ehudi indodana kaGera wakwaBhenjamini, owayeyinxele. Abakwa-Israyeli bathumela umnikelo enkosini u-Egiloni wakwaMowabi ngesandla sika-Ehudi.


Wathatha induku yakhe wayiphatha ngesandla, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelelezi emfundlaneni, wawafaka esikhwameni somelusi, waphatha nendwayimane yakhe ngesandla. Wasondela kumFilisti.


Noma kusukuma umuntu ukuba akuxoshe efuna impilo yakho, umphefumulo wenkosi yami uyobe uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuSimakade uNkulunkulu wakho. Imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.