Babehlome ngeminsalo, bengamakhabe, bekwazi ukuciba nokuphonsa amatshe ngesokhohlo nangesokunene. Babengabafowabo bakaSawule, bevela kwaBhenjamini, okwakuyilaba:
AbAhluleli 20:16 - IsiZulu 2020 Kuwona wonke lowo mbutho, kwakukhona amadoda angama-700 ayeqokiwe engamanxele wonke, ayekwazi ukunemba ngetshe, angageji. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Phakathi kwabo bonke labo bantu kwakukhona amadoda angamakhulu ayisikhombisa akhethiweyo angamanxele; onke ayekwazi ukuphonsa amatshe ngisho nasonweleni, engageji. Contemporary Zulu Bible 2024 Phakathi kwalaba bantu bonke kwakukhona amadoda angamakhulu ayisikhombisa akhethiwe angamanxele; yilowo nalowo wayengajikijela amatshe ububanzi bezinwele, angageji. |
Babehlome ngeminsalo, bengamakhabe, bekwazi ukuciba nokuphonsa amatshe ngesokhohlo nangesokunene. Babengabafowabo bakaSawule, bevela kwaBhenjamini, okwakuyilaba:
U-Uziya wawalungisela wonke amabutho akhe izihlangu, imikhonto, izigqoko, amabhantshi, iminsalo namatshe ezindwayimane.
Abakwa-Israyeli, ngaphandle kwabakwaBhenjamini, baba ngamadoda ayizi-400 000 ayehlome ngenkemba, wonke kungamaqhawe.
Lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, uSimakade wabavusela omunye umkhululi, u-Ehudi indodana kaGera wakwaBhenjamini, owayeyinxele. Abakwa-Israyeli bathumela umnikelo enkosini u-Egiloni wakwaMowabi ngesandla sika-Ehudi.
Wathatha induku yakhe wayiphatha ngesandla, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelelezi emfundlaneni, wawafaka esikhwameni somelusi, waphatha nendwayimane yakhe ngesandla. Wasondela kumFilisti.
Noma kusukuma umuntu ukuba akuxoshe efuna impilo yakho, umphefumulo wenkosi yami uyobe uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuSimakade uNkulunkulu wakho. Imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.