UDebhora, umzanyana kaRibheka wafa, wangcwatshwa phansi kwesihlahla somu-okhi ezansi neBhethele. Ngakho-ke sabizwa ngokuthi yi-Aloni Bhakhuthi.
AbAhluleli 2:5 - IsiZulu 2020 Bayibiza leyo ndawo ngokuthi yiBhokhimi, benza umhlatshelo kuSimakade kuleyo ndawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Baqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBokimi, bahlabela uJehova khona. Contemporary Zulu Bible 2024 Baqamba leyo ndawo ngokuthi iBogimi, bahlabela uJehova khona. |
UDebhora, umzanyana kaRibheka wafa, wangcwatshwa phansi kwesihlahla somu-okhi ezansi neBhethele. Ngakho-ke sabizwa ngokuthi yi-Aloni Bhakhuthi.
Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe, esekhona nanamuhla. USimakade wayesephenduka olakeni lwakhe oluvuthayo. Ngakho-ke igama laleyo ndawo labizwa ngokuthi yisigodi i-Akhori.
UManowa wayesethatha izinyane lembuzi nomnikelo wokusanhlamvu, wakunikela kuSimakade phezu kwedwala, kuye owenza izimangaliso.
Ingelosi kaSimakade yakhuphuka eGiligali, yaya eBhokhimi, yathi: “Nganikhipha eGibhithe, nganiletha ezweni engalethembisa okhokho benu, ngathi: ‘Angisoze ngasephula isivumelwano sami nani kuze kube phakade.
Ngesikhathi ingelosi kaSimakade ikhuluma lawo mazwi ku-Israyeli wonkana, abantu badazuluka, bakhala.
Kwathi ukuba uJoshuwa abakhulule abantu, abakwa-Israyeli babuyela efeni labo ezweni ababelwe lona.
UGideyoni wamakhela uSimakade i-althare lapho, waliqamba wathi: uSimakade Ungukuthula. Kuze kube namuhla lisekhona lapho e-Ofira lama-Abhiyezeri.
USamuweli wathatha iwundlu elisancelayo, wanikela ngalo laba ngumnikelo wokushiswa wonke kuSimakade; uSamuweli wamkhulekela u-Israyeli kuSimakade, uSimakade wamphendula.