Sezedlule lezo zinto uNkulunkulu wamvivinya u-Abhrahama, wathi kuye: “Abhrahama!” Yena wathi: “Ngilapha.”
AbAhluleli 2:22 - IsiZulu 2020 ukuze uSimakade amvivinye u-Israyeli, abone ukuthi uyakuqikelela yini noma qha ukuhamba ngezindlela zakhe njengoba benza okhokho babo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuze ngivivinye ngazo u-Israyeli, uma beyakugcina indlela kaJehova ukuba bahambe ngayo njengalokho oyise bebeyigcina, noma qha.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ukuze ngivivinye u-Israyeli ngabo uma bayakuyigcina indlela kaJehova ukuhamba ngayo njengalokho oyise bayigcina, noma qha. |
Sezedlule lezo zinto uNkulunkulu wamvivinya u-Abhrahama, wathi kuye: “Abhrahama!” Yena wathi: “Ngilapha.”
Kanjalo maqondana nezithunywa zezikhulu zaseBhabhele ezathumela kuye ukuyobuza ngesibonakaliso esenzeka ezweni, uNkulunkulu wamshiya emvivinya, ukuze azi konke okusenhliziyweni yakhe.
Ngokuba Wena, Nkulunkulu, usivivinyile, wasihlanza njengalokhu kuhlanzwa isiliva.
Wakhala kuSimakade, uSimakade wamkhombisa umuthi; wawuphonsa emanzini, amanzi ayeseba mnandi. USimakade wabamisela khona lapho umthetho nesimiso, wayesebavivinya belapho.
Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando somlilo ngesegolide, kepha nguSimakade ovivinya izinhliziyo.
aniyukuwalalela amazwi alowo mphrofethi, noma lowo ophupha amaphupho, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu uyakunilinga ukuba azi ukuthi niyamthanda yini uSimakade uNkulunkulu wenu ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu, na?
Wakupha imana ehlane, okhokho bakho ababengayazi, ukuze akuthobise, akuvivinye, kuthi ekugcineni akwenzele okuhle.
Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.
USimakade wazishiya lezo zizwe, akaze azixosha kanyekanye, futhi kazinikelanga esandleni sikaJoshuwa.