Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 2:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 ukuze ngivivinye ngazo u-Israyeli, uma beyakugcina indlela kaJehova ukuba bahambe ngayo njengalokho oyise bebeyigcina, noma qha.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 ukuze uSimakade amvivinye u-Israyeli, abone ukuthi uyakuqikelela yini noma qha ukuhamba ngezindlela zakhe njengoba benza okhokho babo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ukuze ngivivinye u-Israyeli ngabo uma bayakuyigcina indlela kaJehova ukuhamba ngayo njengalokho oyise bayigcina, noma qha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 2:22
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi emva kwalezo zinto uNkulunkulu wamvinvinya u-Abrahama, wathi kuye: “Abrahama!” Yena wathi: “Ngilapha.”


Kanjalo namaqondana nezithunywa zezikhulu zaseBabele ezathumela kuye ukubuza ngesibonakaliso esenziwa ezweni uNkulunkulu wamshiya ukumvivinya nje ukuba azi konke okusenhliziyweni yakhe.


Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.


Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile, wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.


Wayesekhala kuJehova; uJehova wambonisa umuthi; wawuphonsa emanzini, amanzi aba mtoti. Wabamisela khona isimiso nomthetho; wabavivinya lapho,


Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando ngesegolide, kepha ovivinya izinhliziyo nguJehova.


awuyikulalela amazwi alowo mprofethi, noma lowo mphuphi wamaphupho, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakulinga ukuba azi ukuthi uyathanda yini uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho na?


wakupha imana* ehlane, oyihlo ababengalazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ngasekugcineni,


Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha.


UJehova wayeseyeka lezo zizwe zingaxoshwa masinyane, futhi kazinikelanga esandleni sikaJoshuwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka