Kwathi lapho umbuso kaRehobhowamu ususimeme waqina impela, wawushiya umthetho kaSimakade, no-Israyeli wonke wenza njengaye.
AbAhluleli 2:15 - IsiZulu 2020 Noma yinini lapho bephuma impi, isandla sikaSimakade sasimelana nabo ukubehlisela okubi, njengalokhu uSimakade ayebaxwayisile wafunga kubo, babekhathazekile kakhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo sibenzela okubi njengokukhuluma kukaJehova nanjengokufunga kukaJehova kubo; bantula kakhulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo ngokubi, njengokukhuluma kukaJehova nanjengoba uJehova wayebathembisile ngesifungo; bakhathazeka kakhulu. |
Kwathi lapho umbuso kaRehobhowamu ususimeme waqina impela, wawushiya umthetho kaSimakade, no-Israyeli wonke wenza njengaye.
leso sizwe engikhulume ngaso uma siphenduka ebubini baso; ngiyakuyeka ukwenza okubi ebengihlose ukukwenza kuso.
Ngokuba ngimelene nalo muzi, ukwenza okubi kuwo, kungabi ngokuhle,’ ” kusho uSimakade. “Uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBhabhele, iwushise ngomlilo.”
“Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: bheka, ngiyakubhekana nani ngqo, kube kubi, ngimbhubhise wonke uJuda.
“ ‘Bheka, ngiyakuqikelela ukuba kwenzeke okubi, hhayi okuhle; bonke abantu bakwaJuda abaseGibhithe bayakufela lapho, beqedwa yinkemba nayindlala, baze bafe baphele nya.
Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Niyabona-ke, lo mndeni ngiwuhlelela inhlekelele, eningayukukhipha izintamo zenu kuyo, futhi aniyukuhamba ngokuziqhayisa, ngokuba kuyakuba yisikhathi esibi.
Kepha umphrofethi oyozitshela ukuthi ukhuluma izwi eGameni lami, ngibe ngingamyalanga ukuba akhulume, noma okhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mphrofethi uyakufa.’
Abakwa-Amoni bawela iJordani ukuyolwa noJuda, noBhenjamini, nabendlu ka-Efrayimi, u-Israyeli wakhathazeka kakhulu.
beningawalinda yini akhule aze abe madala, na? Benizohlala ningagani ningabi nabayeni, na? Qha, madodakazi ami, owami umunyu mkhulu kakhulu kunowenu, ngokuba isandla sikaSimakade simelene nami.”
Kepha uma ningalaleli izwi likaSimakade, nihlubuka esiyalezweni sikaSimakade, isandla sikaSimakade siyakumelana nani, njengalokhu samelana nokhokho benu.
Kwathi lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basenkathazweni ngenxa yengcindezelo enkulu ababekuyo, abantu bacasha emigedeni, emahlozini, emaweni, ezinqabeni, nakuyo imithombokwakhiwa.
Abantu bakwa-Israyeli babecindezelekile ngalolo lusuku, ngokuba uSawule wayebafungisile abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu oyodla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akukho muntu owadla ukudla.
UDavide wayekhathazekile kakhulu, ngoba abantu base bebhunga ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, ngenxa yamadodana namadodakazi abo. Kepha uDavide wathola amandla kuSimakade uNkulunkulu wakhe.