Lalelani lapha, nginamadodakazi amabili aseyizintombi; ngivumeleni ngininikeze wona nizibonele. Inqobo nje uma ningezukuwathinta lawa madoda angenise kwami ngokuba kuyisibopho sami ukuwavikela.”
AbAhluleli 19:23 - IsiZulu 2020 Ikhehla, umninindlu laphumela kubo, lathi: “Qha, bafowethu, ningabenzi lobu bubi obungaka. Njengoba le ndoda ingenise endlini yami, ningabenzi lobu buwula obuyihlazo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ixhegu, umninindlu, laphumela kubo, lathi kubo: “Hhayi, bafowethu, ngiyanicela, ningenzi okubi okungako; lokhu lo muntu engenile endlini yami, ningenzi lobu buwula. Contemporary Zulu Bible 2024 Indoda, umninindlu, yaphumela kubo, yathi kubo: “Qha, bazalwane bami, ningenzi okubi okungaka; bhekani ukuthi le ndoda ingene endlini yami, ningenzi lobu buwula. |
Lalelani lapha, nginamadodakazi amabili aseyizintombi; ngivumeleni ngininikeze wona nizibonele. Inqobo nje uma ningezukuwathinta lawa madoda angenise kwami ngokuba kuyisibopho sami ukuwavikela.”
Amadodana kaJakobe ayefika nje evela ekwaluseni lapho ezwa ngaleso sigameko, ashaqeka, awotha ubomvu, ngokuba wayenze ichilo kwa-Israyeli ngokungcolisa indodakazi kaJakobe, okwakuyinto eyayingafanele neze ukwenziwa.
UThamari wathi kuye: “Qha, mnewethu, ungangiphoqi; akwenziwa lokhu kwa-Israyeli. Ungalokothi wenze lobu buwula.
bayoyikhiphela ngasemnyango wendlu kayise intombi, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenze ihlazo kwa-Israyeli, yafeba, yahlaza indlu kayise. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.
Kuyothi umuntu oyotholakala enokuqalekisiweyo, ashiswe ngomlilo nakho konke anakho, ngokuba esephulile isivumelwano sikaSimakade, nangokuba enze into embi kakhulu kwa-Israyeli.’ ”
Ngasithatha isancinza sami, ngasinquma izinqamu, ngazithumela ezifundeni zonke eziyifa lakwa-Israyeli, ngokuba izakhamuzi zenze ububi nobuwula obuyihlazo kwa-Israyeli.