Bangithumelela umyalezo ofanayo kwaze kwaba amahlandla amane, nami ngilokhu ngibabuyisela impendulo efanayo.
AbAhluleli 16:10 - IsiZulu 2020 UDelila wathi kuSamsoni: “Uhlekise ngami, wangitshela amanga; ngiyakuncenga ngitshele ukuthi ungaboshwa kanjani.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethi uDelila kuSamsoni: “Bheka, udlale ngami, wangitshela amanga; ake ungitshele manje ukuthi ungaboshwa ngani.” Contemporary Zulu Bible 2024 UDelila wasesithi kuSamsoni: Khangela, udlale ngami, wangiqambela amanga; ngitshele ukuthi ungaboshwa ngani. |
Bangithumelela umyalezo ofanayo kwaze kwaba amahlandla amane, nami ngilokhu ngibabuyisela impendulo efanayo.
Ungabi ngufakazi omelana nomakhelwane wakho kungenasizathu; uyakukhohlisa ngezindebe zakho na?
Bafika kuwe bengabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, balalele amazwi akho, nokho abawagcini. Ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ibe ilandela inzuzo yabo engafanele.
Wathi kuye: “Uma bengibopha ngezintambo ezintsha ezingakaze zisetshenziswe, khona ngiyoba ntekenteke, ngifane nawo wonke umuntu.”
UDelila wathi kuSamsoni: “Kuze kube manje usahlekisa ngami, futhi ungitshela amanga; ngitshele ukuthi ungaboshwa kanjani, na?” USamsoni wathi kuye: “Uma ungeluka amagoda ayisikhombisa ekhanda, uwahlanganisa nezintambo eziphothiwe, uwabethele esikhonkwaneni, ngizoba ntekenteke, ngifane nawo wonke umuntu.”
USamsoni wathi kuye: “Uma bengangibopha ngezintambo ezintsha eziyisikhombisa ezingakomiswa, ngiyakuba ntekenteke, ngifane nawo wonke umuntu.”
Amadoda ayesophe ukumbulala ayesegumbini lakhe elingaphakathi, elinde khona, wayesethi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni!” Kepha wazigqabula kalula nje izintambo kwangathi umucu kahalibhoma lapho ushiswa ngumlilo. Ngakho-ke imfihlo yamandla akhe ayaziwanga.