UmKhushe angasiguqula yini isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo na? Nani-ke ningekwenze okuhle, nina eniqeqeshelwe ukwenza okubi.
AbAhluleli 13:1 - IsiZulu 2020 Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade; uSimakade wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engama-40. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane. |
UmKhushe angasiguqula yini isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo na? Nani-ke ningekwenze okuhle, nina eniqeqeshelwe ukwenza okubi.
Ngingabuye ngithini ngokukholwa na? Ngingaphelelwa yisikhathi uma ngingaqhubeka ngilande ngoGideyoni, uBharaki, uSamsoni, uJeftha; ngoDavide noSamuweli nangabaphrofethi,
Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali no-Ashitharothi, onkulunkulu bama-Aramu, nonkulunkulu bamaSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu bama-Amoni, nonkulunkulu bamaFilisti. Bamshiya kanjalo uSimakade, ababe besamkhonza.
Ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni samaFilisti, nasesandleni sabakwa-Amoni,
U-Abhidoni, indodana kaHileli umPhirathoni, wafa, wangcwatshwa ePhirathoni, ezweni lakwa-Efrayimi kwelezintaba lama-Amaleki.
Uyise nonina babengazi ukuthi lokhu kuvela kuSimakade, ngokuba wayefuna ithuba lokuthi alwe namaFilisti. Ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.
Kwase kwehla amadoda akwaJuda ayizi-3 000 aya emfantwini wedwala e-Ethamu, athi kuSamsoni: “Awazi yini ukuthi amaFilisti angababusi bethu, na? Pho yini lena oyenzile kithi, na?” Waphendula wathi: “Ngenze kubo njengalokhu benzile kimi.”
Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo, bakhonza oBhali no-Ashera.
Abantu bakwa-Israyeli baphinde benza okubi emehlweni kaSimakade, emva kokufa kuka-Ehudi.
Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, uSimakade wabanikela esandleni sabakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.
“Sebelapho bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo. Wayesethengisa ngabo esandleni sikaSisera, induna yempi eHazori, esandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi; balwa nabo.
Qinani nibe ngamadoda nina maFilisti ukuze ningabi yizigqila zamaHebheru, njengoba ebeyizigqila zenu. Yibani ngamadoda, nilwe!”
AmaFilisti ehlulwa; awaphindanga angena emingceleni yakwa-Israyeli ngezinsuku zonke zikaSamuweli.