Abakhuzi bempi yakwaGileyadi bathi omunye komunye: “Ngubani ozoqala impi nabakwa-Amoni, na? Uyokuba yinhloko phezu kwazo zonke izakhamuzi zakwaGileyadi.”
AbAhluleli 12:7 - IsiZulu 2020 UJeftha wehlulela u-Israyeli iminyaka eyisithupha. UJeftha, umGileyadi, wayesefa wangcwatshwa emzini kwaGileyadi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJefta wamahlulela u-Israyeli iminyaka eyisithupha. Wafa uJefta wakwaGileyadi, wambelwa komunye wemizi yakwaGileyadi. Contemporary Zulu Bible 2024 UJefta wahola u-Israyeli iminyaka eyisithupha. UJefta wakwaGileyadi wafa, wembelwa komunye wemizi yakwaGileyadi. |
Abakhuzi bempi yakwaGileyadi bathi omunye komunye: “Ngubani ozoqala impi nabakwa-Amoni, na? Uyokuba yinhloko phezu kwazo zonke izakhamuzi zakwaGileyadi.”
bese bethi kuye: yithi: “Shibholethi,” uma ethi: “Sibholethi,” ngoba engakwazi ukulibiza ngokufanele leli gama, bambambe, bambulalele emazibukweni eJordani. Kwafa ngaleso sikhathi abakwa-Efrayimi abayizi-42 000.