Abakwa-Israyeli babaleka phambi kwabaJuda; uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo.
AbAhluleli 11:21 - IsiZulu 2020 “USimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamnikela uSihoni nabo bonke abantu bakhe esandleni sabakwa-Israyeli, bamnqoba, abakwa-Israyeli base belidla lonke izwe lama-Amori ayehlala lapho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wanikela uSihoni nabo bonke abantu bakhe esandleni sakwa-Israyeli, bababulala; u-Israyeli wadla izwe lonke lama-Amori, abantu balelo zwe. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wamnikela uSihoni nabo bonke abantu bakhe esandleni sika-Israyeli, babanqoba; u-Israyeli walidla lonke ilizwe lama-Amori, abemi balelo zwe. |
Abakwa-Israyeli babaleka phambi kwabaJuda; uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo.
Anazi yini ukuthi uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wanika uDavide namadodana akhe umbuso kwa-Israyeli, kuze kube phakade, ngesivumelwano sikaSawoti na?
Ngiyokwandisa imingcele yezwe lakho kusukela oLwandle Lomhlanga kuze kufike olwandle lwamaFilisti, kusukela ehlane kuze kushaye emfuleni. Ngiyonipha amandla phezu kwezakhamuzi zezwe, nizixoshe phambi kwenu.
“Kodwa Mina ngawabhubhisa ama-Amori phambi kwabo, ayemade njengemisedari, eqine njengemi-okhi, ngaqeda nya ngesithelo sawo kusukela phezulu nangezimpande zawo phansi.
Abakwa-Israyeli bamnqoba ngenkemba, badla izwe lakhe kusukela e-Arinoni kuze kufike eJabhoki, baye bangquleka kwa-Amoni, ngoba umngcele wabakwa-Amoni uqinile.
“USihoni waphuma, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzobhekana nathi, alwe nathi eJahazi.
USimakade wathi kuJoshuwa: “Bheka, ngilinikele kuwe iJerikho, lona kanye nenkosi yalo namaqhawe alo anamandla.
Kodwa uSihoni akazange abethembe abakwa-Israyeli ukuba bangadabula endaweni yakhe, ngakho-ke uSihoni waqoqa bonke abantu bakhe, wakanisa eJahazi, walwa no-Israyeli.