AbAhluleli 1:9 - IsiZulu 2020 Emveni kwalokho abantu bakwaJuda behla bayokulwa namaKhanani ayehlala kwelezintaba eNingizimu, nasemathafeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngasemuva behla abantwana bakwaJuda ukuba balwe namaKhanani ayakhe ezintabeni, nangaseningizimu, nasenzansi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngemva kwalokho abantwana bakwaJuda behla ukuze balwe namaKhanani ayehlala ezintabeni, eningizimu, nasesigodini. |
UJoshuwa wakhuphukela e-Egiloni nabo bonke abakwa-Israyeli, baya eHebhroni, balwa nalo.
Ngaleso sikhathi uJoshuwa wafika wawaqotha ama-Anaki, kusuka kwelezintaba eHebhroni, eDebhiri, e-Anabhi, kulo lonke elezintaba kwaJuda, nakulo lonke elezintaba kwa-Israyeli, uJoshuwa wawaqothula wonke nemizi yawo.
elisezintabeni, emathafeni, elise-Araba, elemithambeka, elisehlane, naseNegevu, izwe lamaHithi, elama-Amori, elamaKhanani, elamaPherizi, elamaHivi, nelamaJebusi:
UJuda walwa namaKhanani ayehlala eHebhroni, okwakuthiwa yiKiriyathi Arbha, babulala uSheshayi, u-Ahimani, noThalimayi.
Abantu bakwaJuda balwa neJerusalema, balidla, balibhubhisa ngenkemba, bawuthungela umuzi ngomlilo.