Nokho wawubamba umcibisholo wakhe, zaqiniswa izingalo zakhe ngonaMandla kaJakobe, okuvela kuye uMelusi oyidwala lika-Israyeli,
AbAhluleli 1:22 - IsiZulu 2020 Abendlu kaJosefa benyuka bahlasela iBhethele, uSimakade wayenabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwenyukela eBethele nabendlu kaJosefa; uJehova wayenabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Indlu kaJosefa nayo yakhuphukela eBethele, futhi uJehova wayenabo. |
Nokho wawubamba umcibisholo wakhe, zaqiniswa izingalo zakhe ngonaMandla kaJakobe, okuvela kuye uMelusi oyidwala lika-Israyeli,
USimakade waba naye noma kuphi lapho ayeya khona, wachuma, wayihlubuka inkosi yase-Asiriya, akabe esayikhonza.
ngasemingceleni yabakwaManase kuyiBhethi Sheyani nemizana yalo, iThahanakhi nemizana yalo, iMegido nemizana yalo, neDori nemizana yalo. Kuleyo ndawo kwahlala abakwaJosefa, indodana ka-Israyeli.
Kumadodana kaJosefa: kwa-Efrayimi: u-Elishama indodana ka-Amihudi; kwaManase: uGamaliyeli indodana kaPhedazuri.
Abozalo lukaJosefa, okungukuthi uzalo lwabakwa-Efrayimi, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20, bonke abangaphuma impi:
Ngokuba abozalo lukaJosefa babeyizizwana ezimbili, esakwaManase nesakwa-Efrayimi, akukho sabelo sezwe esasinikwe abaLevi, ngaphandle kwemizi ababehlala kuyo, namadlelo emfuyo nemihlambi yabo.
Wakhetha amabutho ayizi-5 000 wawabeka phakathi kweBhetheli ne-Ayi, entshonalanga e-Ayi.
esizwaneni sakwaZabuloni beyizi-12 000, esizwaneni sakwaJosefa beyizi-12 000, esizwaneni sakwaBhenjamini beyizi-12 000.
USimakade wayenoJuda, walinqoba elezintaba, kodwa akakwazanga ukuxosha izakhamuzi zasemathafeni, ngokuba zazinezinqola zensimbi.
Kodwa abozalo lukaBhenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayehlala eJerusalema, ngakho-ke amaJebusi asahlala eJerusalema phakathi kwabozalo lukaBhenjamini kuze kube namuhla.