nabantwana babo, ababesele ezweni, abakwa-Israyeli abangakwazanga ukubaqeda nya, uSolomoni wabenza izisebenzi eziyizigqila kuze kube yinamuhla.
AbAhluleli 1:21 - IsiZulu 2020 Kodwa abozalo lukaBhenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayehlala eJerusalema, ngakho-ke amaJebusi asahlala eJerusalema phakathi kwabozalo lukaBhenjamini kuze kube namuhla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayehlala eJerusalema; kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla. |
nabantwana babo, ababesele ezweni, abakwa-Israyeli abangakwazanga ukubaqeda nya, uSolomoni wabenza izisebenzi eziyizigqila kuze kube yinamuhla.
UDavide no-Israyeli wonke baya eJerusalema eliyiJebusi, lapho kwakuhlala khona izakhamuzi zakulelo lizwe, amaJebusi.
Laba babeyizinhloko zezindlu zawoyise, beyizinhloko ngokwezizukulwane zabo; babehlala eJerusalema.
abozalo lwabo ababesele ezweni, ababengababhubhisanga abantu bakwa-Israyeli, uSolomoni wabenza izigqila kuze kube namuhla.
Abozalo lukaJuda abakwazanga ukuwaxosha amaJebhusi ayehlala eJerusalema, asahlala nabo kuze kube namuhla.
UManase akazixoshanga izakhamuzi zaseBhethi Sheyani nemizana yalo, ezaseThahanakhi nemizana yalo, ezaseDori nemizana yalo, ezase-Ibheleyami nemizana yalo, nezaseMegido nemizana yalo, kodwa amaKhanani aqhubeka ahlala kulelo lizwe.
Abantu bakwaJuda balwa neJerusalema, balidla, balibhubhisa ngenkemba, bawuthungela umuzi ngomlilo.