Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 1:21 - IsiZulu 2020

Kodwa abozalo lukaBhenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayehlala eJerusalema, ngakho-ke amaJebusi asahlala eJerusalema phakathi kwabozalo lukaBhenjamini kuze kube namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayehlala eJerusalema; kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 1:21
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

nabantwana babo, ababesele ezweni, abakwa-Israyeli abangakwazanga ukubaqeda nya, uSolomoni wabenza izisebenzi eziyizigqila kuze kube yinamuhla.


amaJebusi, ama-Amori, amaGirigashi,


UDavide no-Israyeli wonke baya eJerusalema eliyiJebusi, lapho kwakuhlala khona izakhamuzi zakulelo lizwe, amaJebusi.


Laba babeyizinhloko zezindlu zawoyise, beyizinhloko ngokwezizukulwane zabo; babehlala eJerusalema.


abozalo lwabo ababesele ezweni, ababengababhubhisanga abantu bakwa-Israyeli, uSolomoni wabenza izigqila kuze kube namuhla.


Abazibhubhisanga izizwe njengalokhu uSimakade ayebayalile,


Abozalo lukaJuda abakwazanga ukuwaxosha amaJebhusi ayehlala eJerusalema, asahlala nabo kuze kube namuhla.


Abendlu kaJosefa benyuka bahlasela iBhethele, uSimakade wayenabo.


UManase akazixoshanga izakhamuzi zaseBhethi Sheyani nemizana yalo, ezaseThahanakhi nemizana yalo, ezaseDori nemizana yalo, ezase-Ibheleyami nemizana yalo, nezaseMegido nemizana yalo, kodwa amaKhanani aqhubeka ahlala kulelo lizwe.


Abantu bakwaJuda balwa neJerusalema, balidla, balibhubhisa ngenkemba, bawuthungela umuzi ngomlilo.