Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 1:15 - IsiZulu 2020

Wathi kuye: “Ngicela ungiphe isipho, njengoba ungibeke ezweni eningizimu, ngiphe futhi nemithombo yamanzi.” UKhalebhu wamnika imithombo esenhla nesezansi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wathi kuye: “Ngiphe isipho; lokhu unginike izwe laseningizimu ngiphe nemithombo yamanzi.” UKalebi wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wathi kuye: “Nginike isibusiso, ngokuba unginike izwe laseNingizimu; nginike nemithombo yamanzi. UKalebi wamnika imithombo yasenhla nemithombo yangezansi.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 1:15
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakuncenga, samukele isipho sami esithunyelwe kuwe, ngokuba uNkulunkulu ube nomusa kimi, futhi nginakho konke engikudingayo.” UJakobe waqhubeka emncenga, u-Esawu wagcina esesemukele isipho sakhe.


Ngakho ngikubona kudingeka ukuba ngibagqugquzele abazalwane ukuba bahambe beze kini kuqala, ukuze balungisele kuqala lesi sipho nesibusisekile kangaka esethenjiswa sona phambilini, ukuze sihlale silungisiwe, sibe yisibusiso, singabi njengesokuncishana.


Ngokuba umhlabathi uyayiphuza imvula elokhu iwela kuwo, uhlumise imifino ebasizayo labo abawulinyelwayo, wamukele isibusiso kuNkulunkulu.


Wathi kuye: “Ngiphe isipho, njengoba ungibeke eNegevu, ungiphe futhi imithombo yamanzi.” UKhalebhu wayesemnika imithombo engasenhla nengasezansi.


Ningaphindisi okubi ngokubi, inhlamba ngenhlamba; kepha busisani, ngokuba nabizelwa lokho, ukuba nidle ifa lokubusiswa.


Wathi lapho efika kuye, wamnxusa ukuba acele insimu kuyise. Lapho ehla embongolweni yakhe, uKhalebhu wathi kuye: “Ufunani, na?”


Abozalo loMkheni, umukhwe kaMose, bakhuphuka nabozalo lukaJuda bisuka emzini wamasundu baya ehlane lakwaJuda eNegevu ese-Aradi. Yena wahamba wayohlala nabantu.


U-Abhigayili waphangisa, wathatha izinkwa ezingama-200, izimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, amaseya ayisihlanu otshwele, izigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingama-200 zamakhiwane, wakukhweza ezimbongolweni.


Manje-ke lesi sipho esilethwa yincekukazi yakho enkosini yami, masinikwe izinsizwa ezilandela inkosi yami.