UDavide wabehlukanisa amaqembu amathathu: elokuqala laliphethwe nguJowabe, elesibili liholwa ngu-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, elokugcina liphethwe ngu-Ithayi, umGithi. Inkosi yathi kubantu: “Nami impela ngizophuma nani.”
2 Samuweli 8:16 - IsiZulu 2020 UJowabe, indodana kaZeruya, wayengumkhuzi wempi; uJehoshafathi, indodana ka-Ahiludi, engumabhalane; IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi, uJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana; Contemporary Zulu Bible 2024 UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi; uJehoshafati, indodana ka-Ahiludi, wayengumbusi; |
UDavide wabehlukanisa amaqembu amathathu: elokuqala laliphethwe nguJowabe, elesibili liholwa ngu-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, elokugcina liphethwe ngu-Ithayi, umGithi. Inkosi yathi kubantu: “Nami impela ngizophuma nani.”
“Niyakuthi ku-Amasa: ‘Awusilo yini wena ithambo lami nenyama yami na? UNkulunkulu makenze kimi noma yini, uma wena kusukela manje, ungeke ube ngumkhuzi wempi yami esikhundleni sikaJowabe.’ ”
UJowabe, indodana kaZeruya nezinceku zikaDavide, baphuma, bahlangana nabo ngasechibini eGibheyoni. Bahlala phansi, abanye ngakulolu hlangothi lwechibi, abanye bahlala ngakolunye.
UDavide wabusa wonke u-Israyeli, wenzela bonke abantu bakhe ubulungiswa nokulungileyo.
u-Elihorefi no-Ahiya, amadodana kaShisha, ababengababhali; uJehoshafathi, indodana ka-Ahiludi, owayengumabhalane;
Bayibiza inkosi, kwase kuphuma u-Eliyakimi, indodana kaHilikiya, owayengamele isigodlo, uShebhina, umbhali, noJowa, indodana ka-Asafa, umqophi.
U-Eliyakimi, indodana kaHilikiya owayengamele isigodlo, uShebhina, umbhali, noJowa, indodana ka-Asafa, umqophi, babuyela kuHezekiya izingubo zabo beziklebhulile, bamlandisa amazwi ayekhulunywe nguRabi Shake.
UDavide wathi: “Lowo muntu oyohlabana kuqala, abulale umJebusi, nguye ozokuba yinhloko nenduna.” UJowabe, indodana kaZeruya, wenyuka kuqala, wawudla umhlanganiso, wabe eseba yinhloko.