2 Samuweli 7:5 - IsiZulu 2020 “Hamba utshele inceku yami, uDavide, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Uyakungakhela yini indlu ukuba ngihlale kuyo na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Hamba uyitshele inceku yami uDavide ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uyakungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo na? Contemporary Zulu Bible 2024 Hamba utshele inceku yami uDavida ukuthi: Itsho njalo iNkosi: Wena uzakungakhela indlu yokuhlala? |
Inkosi yayalela ukuba baqophe amatshe amakhulu, amatshe anenani elikhulu, ukuba babeke isisekelo sendlu ngamatshe abaziweyo.
“Kumi kanje maqondana nale ndlu oyakhayo: uma uyakuhamba ngezimiso zami, wenze izehlulelo zami, ugcine yonke imiyalo yami ukuba uhambe ngayo, ngiyakufeza kuwe izwi engalikhuluma kuDavide uyihlo:
“Hamba uyotshela uDavide, inceku yami, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Wena awuyukungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo,
Kepha uNkulunkulu wathi kimi: ‘Awuyukulakhela igama lami indlu, ngokuba wena uyindoda yempi, uchithe igazi.’
Usho kanje uSimakade, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iyiphi leyo ndlu eniyakungakhela yona, iyiphi indawo yami yokuphumula na?