Ngenxa yokuba aniwuthwalanga ngesikhathi esedlule, uSimakade uNkulunkulu wethu wasithelekela, ngokuba asimfunanga njengokwesimiso.”
2 Samuweli 6:3 - IsiZulu 2020 Bawukhweza enqoleni entsha umphongolo kaNkulunkulu, bawususa endlini ka-Abhinadaba eyayiseGibheya. U-Uza no-Ahiyo, amadodana ka-Abhinadaba, yibona ababeshayela leyo nqola entsha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane entsha, bewukhipha endlini ka-Abinadaba eyayisegqumeni; o-Uza no-Ahiyo amadodana ka-Abinadaba bashayela leyo ngqukumbane entsha. Contemporary Zulu Bible 2024 Bawubeka umphongolo kaNkulunkulu enqoleni entsha, bawukhipha endlini ka-Abinadaba eyayiseGibeya; u-Uza no-Ahiyo, amadodana ka-Abinadaba, bashayela inqola entsha. |
Ngenxa yokuba aniwuthwalanga ngesikhathi esedlule, uSimakade uNkulunkulu wethu wasithelekela, ngokuba asimfunanga njengokwesimiso.”
“Manje thathani, nenze inqola entsha nezinkomazi ezimbili ezincelisayo okungakaze kuhlale joka kuzo; zibopheleni izinkomazi enqoleni, nibuyisele emuva amankonyane azo, niwabuyisele ekhaya.
Abantu baseKiriyathi Jeharimi bafika belethe umphongolo kaSimakade, bawungenisa endlini ka-Abhinadaba entabeni, bangcwelisa u-Eleyazare, indodana yakhe, ukuba anakekele umphongolo kaSimakade.