Kwathi ukuba baqale ukuhalalisa nokudumisa, uSimakade wababekela abazobalalela unyendle abakwa-Amoni, abakwa-Mowabi, nabasentabeni iSeyiri ababephumele ukumelana noJuda, banqotshwa bonke.
2 Samuweli 22:4 - IsiZulu 2020 Ngimemeza uSimakade ofanele ukudunyiswa, ngisindiswe ezitheni zami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakumbiza uJehova ofanele ukudunyiswa; ngakho ngizakhululwa ezitheni zami. |
Kwathi ukuba baqale ukuhalalisa nokudumisa, uSimakade wababekela abazobalalela unyendle abakwa-Amoni, abakwa-Mowabi, nabasentabeni iSeyiri ababephumele ukumelana noJuda, banqotshwa bonke.
AbaLevi: uJeshuwa, uKadimiyeli, uBhani, uHashabhineya, uSherebhiya, uHodiya, uShebhaniya noPhethahiya, bama kwenye indawo ephakeme, bamemeza bathi: “Sukumani nidumise uSimakade uNkulunkulu wenu, kusukela phakade, kuze kube phakade.” “Malibongwe iGama lakho elidumisekayo neliphakeme phezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.”
Ngubani ongalanda ngezenzo zamandla kaSimakade, ezwakalise lonke udumo lwakhe na?
Ngase ngibiza igama likaSimakade, ngathi: “Ngiyakuncenga, Simakade, hlenga umphefumulo wami.”
Nasi isihlupheki esakhala uSimakade wasilalela, wasisindisa kuzo zonke izinhlupheko esasikuzo.
Mkhulu uSimakade, makadunyiswe emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele.
Izitha zami bese zibuyela emuva mhla ngikhalayo, ngiyakwazi lokhu, ukuthi uNkulunkulu unami.
“Ufanele Wena Nkosi noNkulunkulu wethu ukwemukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wadala izinto zonke, futhi zonke zikhona, zadalwa, ngokuthanda kwakho.”
zithi ngezwi elikhulu: “Ifanele iMvana eyahlatshwa ukwemukela amandla, ingcebo, ukuhlakanipha, ukunqoba, udumo, inkazimulo, nesibusiso.”